Amakhosi ajabulile, Shapa Khosi Shapa

2017-04-02 09:14

Johannesburg - IMamelodi Sundowns iqale lo mdlalo ngegiya eliphezulu kubonakala ukuthi uPercy Tau noThemba Zwane babambiseni kahle kakhulu.

UKennedy Mweene naye ubesiqaphe njalo isimo emubheke ngawokhozi uSimphiwe Tshabalala ukuba angaphunyuki adale umonakalo omkhulu.

Kube yiSundowns ebhale kuqala ebhodini ngomzuzu wamashumi amabili nanhlanu ngesikhathi uKhama Billiat amukela ibhola elihle elisuka kuHlompho Kekana walidlulisela kuLorenzo Gordinho, lakhala phakathi enethini.

UBernard Parker uthe ngeke avume iqembu lakhe lisalele ngemuva, ngomzuzu wamashumi amathathu nane, uParker naye ubhalise kwelabo ibhodi.

OLUNYE UDABA:Umdlali uthi uyazisola ngokujoyina iChiefs

Isiwombe sesibili siqale ngawo womabili amaqembu ezimisele ukushintsha izinto ukuze kuphume inkunzi.

USteve Komphela ungenise uGustavo Paez ukuba azolekelelana noParker ngomzuzu 76 nokube yisinqumo esihle kakhulu ngoba lokhu kufake uSoumahoro ingcindezi enkulu waze wangakwazi ukubonisana kahle nonozinti wakhe.

Kumphindile futhi uSoumahoro esebhekene noPaez aphela wonke amathemba eSundowns, kubika iSoccer Laduma.


Umdlalo uphele kanje: Kaizer Chiefs 2-1 Mamelodi Sundowns

Usuku: 01 April 2017

Inkundla: FNB Stadium





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...