Amabombo abheke kwelaseSpain kumgadli osemncane weSuperSports United

2017-04-14 12:37

Durban - Sekuqinisekisiwe ukuthi umgadi osemncane weSuperSport United uKhanyisa Mayo uselishiyile elakuleli njengoba eyojoyina iqembi iCadiz FC eSpain.

UMayo, oyindodana yomgadli owayedlalela iKaizer Chiefs kanye neBafana Bafana uPatrick Moyo ubizelwe inhlolokhono yamasonto amabili kuleli qembu.

Lo mgadli oneminyaka engu-18 ubudala uyena obehamba phambili ngamanqaku emidlalweni ye-Durban International Under-19 Tournament ngonyaka odlule.

OLUNYE UDABA:Uhleli lubhojozi umgadli weChiefs 'oshaya udaka'

Ukuzimiselwa kwakhe kwaheha iqembu elikhulu lasePortugak iBenfica eyamumema ukuba azozilolonga nabo kodwa ngeshwa ayibanga khona inqubekela phambili ecacile.

Ekhuluma nabe-KickOff umphathi wakhe uTim Sukazi wenkampani i-QT Sport ukuqinisekisile ukuhamba kwalo mdlali oshiye elakuleli ngoLwesine ebusuku.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...