AmaBhakabhaka awuqale kahle unyaka ebhaxabula iBaroka FC

2018-01-07 11:03

EGoli - Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMusa Nyatama ujabulil engendlela abawuqale ngayo unyaka.

UNyatama owayedlalela iBloemfontein Celtic uyena ushaye igoli lokuqala njengoba amaBhakabhaka egcine eshaya iBaroka FC ngo-3 -1 enkundleni yase-Orlando ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mdlali ubuye wakhethwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo uthi uthokoze kakhlu ukuthi bakwazile ukubuyisa isithunzi sabo ngemuva kokuwuvala kabi unyaka ka-2017 beshaywa yiFree State Stars.

OLUNYE UDABA: IBaroka ithi lizoshona elanamuhla esengoweChiefs uNtshangase

"Kube ngumdlalo onzima, besazi ukuthi bazohlasela kanzima ngesiwombe sesibili, yingakho sinquma ushesha ngamanqaku. Yize sibe nokunethezeka kakhulu ngesiwombe sesibili, kodwa kuyangijabulisa ukuthi sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu,"kusho uNyatama ekhuluma nabeSuperSport TV.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...