Alokhu engene njalo awenduduzo ngokushona kwesikhulu samaZulu

2017-04-19 16:02

Durban - Akasekho emhlabeni uJonathan "Big John" Ndlangisa obeyi-Kit Manager yamaZulu FC.

Ngesonto eledlule, iphephandaba iLANGA labika ukuthi uNdlangisa ubangwa nezibi esibhedlela kulandela ukudutshulwa.

UNdlangisa, 47, wadutshulwa ngesikhathi ehilizisana nowesilisa eseBerea Centre, eThekwini, kubangwa indawo yokupaka ngomhlaka-9 kwephezulu.

UNdlangisa uyena obethathwa njengesithenjwa saleli qembu ekuphathweni kwejezi okuwumsebenzi othathwa njengobucayi njengoba kungamele (ijezi) liwele ezandleni ezingafanele ngaphambi kwemidlalo emqoka.

OLUNYE UDABA:Kume ukujima kudutshulwa owoSuthu eThekwini

Ngokusho kukaLunga Sokhela ongumphathi jikelele waleli qembu, uNdlangisa ushone ngoLwesibili ebusuku.

"Sithole imibiko ngokudlula emhlabeni kukaBig John ngoLwesibili ebusuku. Sithi dudu emndenini wakwaNdlangisa," kusho uSokhela.

USokhela uqhubeke wathi kuzobanjwa inkonzo yesikhumbuzo ngoLwesihlanu mhlaka-21 Ephreli enkundleni i-Moses Mabhida emini ngo-15:00.

Imininingwane mayelana nezinhlelo zomngcwabo izokhishwa uma umndeni wakhe usuqedile ngezinhlelo ezifanele.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...