Alokhu egeleze njalo owenduduzo ngokushona komdlali we-PSL

2018-02-13 18:01

Cape Town - Ikilabu edlala ku-Absa Premiership iPolokwane City isiqinisekisile ukuthi umdlali wayo wasemuva, uMogau Tshehla, akasekho emhlabeni kulandela ukuhlangabezana nengozi yemoto ngoMsombuluko ebusuku.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala - obekhona ezakhe zidlala koweNedbank Cup ne-Ubuntu Cape Town ngesonto eledlule - wajoyina iRise and Shine ngoJanuwari wonyaka owedlule.

Wayesuka kwikilabhu edlala ku-NDF, iWitbank Spurs, kanti ubenenkontileka yeminyaka emithathu nale kilabhu yaseLimpopo.

Ikilabhu imemezele lezi zindaba enkundleni yezokuxhumana uTwitter, kwalandela amanye amakilabhu nawo azwakalise ukukhalisana nabakwaTshehla.

"Ngokukhulu ukudangala, sinazisa ngokudlula emhlabeni komdlali wethu wasemuva uMogau Tshehla, oshone ngemuva kokwehlelwa yingozi yemoto," kufundeka isitatimende.

"Umndeni, ozakwabo kanye nabangani - basemicabangweni yethu. Amahubo 37:39 - Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhluphela."

UTshehla ungumfowabo omdala kaPercy Tau odlalela iMamelodi Sundowns.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...