Alokhu angene njalo awenduduzo ngokudlula emhlabeni kukaMlondi Dlamini

2017-10-09 18:01

eThekwini -  Abe-Premier Soccer League badlulise amazwi enduduzo emndenini walowo odlalela iMaritzburg United uMlondi Dlamini.

UDlamini, ubeneminyaka engu-20 ubudala edlula emhlabeni ngengozi yemoto eyenzeke ngeSonto.

OLUNYE UDABA:Kushone umdlali we-Maritzburg United engozini yomgwaqo

Lo mdlali ubesanda kujoyina leli qembu njengoba le bekuyisizini yakhe yesibili kulandela ukucashunwa kakhe ebonisa ithalente elikhulu emqhudelwaneni weMultiChoice Diski Challenge.

Ngesikhathi kukhishwa imiklomelo ye2016/17 Premier Soccer League awards igama likaDlamini laphakanyiswe esigabeni sabadlali abavelele koweMultiChoice Diski Challenge Player.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...