Akwaziwa ngekusasa likaBilliat

2018-05-07 18:02

Umdlali odabuka eZimbabwe uKhama Billiat, okulindeleke ukuba ashiye iMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini, namanje akakacacisi ukuthi uzobe elihlikihla kuphi ngesizini ezayo.

UBilliat udlale umdlalo abaningi abebazi ukuthi ngowokugcina egqoke ijezi leSundowns ngesikhathi idlala umdlalo ophele ngo-1-1 noshampeni base-Afrika iWydad Casablanca, e-Attridgeville ngoMgqibelo ebusuku, kanti nomqeqeshi uPitso Mosimane useke wakhuluma ngokuthi lo mdlali uyayishiya ikilabhu.

Kuke kwaba nemibiko ethi lo mdlali owake wagijima kwi-Ajax Cape Town angase ayodlalela ikilabhu yase-Azerbaijan iQarabag, lapho kudlala khona umgadli weBafana Bafana uDino Ndlovu.

OLUNYE UDABA: UPitso ufuna uBrockie azovala indawo kaBilliat

Kukhona enye imibiko ethi ikilabhu yaseSweden, iDjurgadens, nayo imgaqele lo mdlali.

Kepha ngokombiko wangempelasonto, uBilliat uyamaniswa nokudlalela amaqembu amakhulu kwi-PSL okubalwa kuwo i-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, Bidvest Wits neSuperSport United.

Nokho yiyodwa kuphela into esaqinisekisiwe okwamanje, wukuthi lo mdlali, 27, owaba ngumdlali ovelele we-PSL ngesizini ka-2015/16, nosedlale amasizini amahlanu kwiSundowns, akakanqumi ngeqembu elilandelayo azolidlalela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...