Akukho nami engingakwenza - Komphela

2017-10-01 08:37

Johannesburg – Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, uthi akukho angakwenza ngokungeneliseki kwabalandeli kulandela ukuthi ezakhe ziguqiswe yiBaroka FC ngo-2-1.

Le kilabhu yaseLimpopo iqhamuke ngasemuva yakwazi ukunqoba lo mdlalo obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo, njengoba isaqhubeke njalo nokungashaywa, kubika iKickOff.com.

Ngakolunye uhlangothi, iChiefs isihlulwa ukwesibili kule sizini esanda kuqala, yaphuthwa yithupha lokunyukela endaweni yesithathu ku-PSL.

OLUNYE UDABA: Asizange sibe nobulungiswa kubalandeli bethu - Komphela

"Unjalo vele lo msebenzi, uza nezinto ezinje ngakho kumele uzamukele. Kumele ukubeke kucace ukuthi awujabule ngemiphumela,” kusho uKomphela etshela iSuperSport TV.

"Uma ucabanga ukuthi abalandeli bayakuzonda, eqinisweni yingoba bathanda kakhulu ikilabhu yabo. Akukho ongakwenza ngalokho okusuke kushiwo ngawe, okwakho nje ukuthi uqaphele indlela oziphatha ngayo, ngesizotha nangenhlonipho. Lokho kubona kusho konke.

“Awukwazi ukulawula intukuthelo eqhamuka ngaphandle kepha uyakwazi ukuyilawula indlela ozizwa ngayo. Akukho ongakwenza ngalokho.” 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

USuthu lubhaxabule iSundowns ekhaya

Emizuzwini eyi-30 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...