Akekho osakhulume nami kwiSAFA, kusho uMotsepe

2017-01-10 13:00

Cape Town – Umphathi weMamelodi Sundowns, uPatrice Motsepe, uthi inhlangano yezebhola kuleli, iSouth African Football Federation (SAFA) ibingakaze ixhumane nekilabhu yakhe ngenhloso yokuthi umqeqeshi waleli qembu, uPitso Mosimane, aqeqeshe iqembu lesizwe, iBafana Bafana.

IBafana Bafana idinga umqeqeshi omusha kulandela ukukhonjwa indlela kwalowo obengumqeqeshi wayo, uShakes Mashaba, ngemuva kokulahlwa amacala ‘okungaziphathi kahle, ukungahloniphi abaphathi kanye nokuphula umgomo wenhlangano wezokuxhumana’.

OLUNYE  UDABA: UMotsepe uthi uzomdedela uPitso uma iBafana imfuna

Njengoba iSAFA isifake isicoco seCAF Champions League njengeminye yemibandela yokuthola umsebenzi wokuqeqesha iBafana, igama likaMosimane seliphinde lafakwa esigqokweni phezu kokuthi lo mqeqeshi osanda kukhethwa njengomqeqeshi wonyaka e-Afrika esanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emine namaBrazilians.

“Ngizosho, njengoPitso, akekho umuntu kuSAFA osakhulume nami,” uMotsepe utshele iTimes Live.

“Ngingathi akekho umuntu oseze kumina ngoPitso. Kodwa sengikushilo lokho (iSAFA) ayidingi ukuya  (kumuntu).”

UMotsepe uqhube wathi usekujwayele ukulahlekelwa abantu ababalulekile kuyena.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...