Akasekho emhlabeni owayengumdlali weZinyoni ne-Ajax

2017-06-17 13:30

Johannesburg - Izindaba ezimbi kubalandeli bebhola lezinyawo kulandela ukudlula emhlabeni kowayengumdlali weMoroka Swallows ne-Ajax Cape Town, u-Edzai Kasinauyo.

UKasinuayo, owachitha iminyaka ecishe ifinyelele kweyishumi edlala ibhola eNingizimu Afrika, ubeneminyaka engu-42 ubudala ngesikhathi edlula emhlabeni.

Okwamanje akwaziwa ukuthi ubulawe yini.

OLUNYE UDABA: Ulaxaze iqembu lesizwe umqeqeshi oyamaniswa nele-PSL

UKasinuayo, obeyimenenja keKhama Billiat no-Evans Rusike, kubikwa ukuthi udlule emhlabeni ekuseni ngoLwesihlanu.

ILezi zindaba ziqinisekiswe yiSouth African Football Players' Union ethe izokhipha isitatimende uma isihlangane nomndeni.

- Soccer Laduma

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...