Akasekho emhlabeni lowo owake waqeqesha iBafana

2016-05-26 16:01

Johannesburg – Lowo owake wacija iBafana Bafana, uTed Dumitru, udlulile emhlabeni ngemuva kokushayeka phansi e-Eastgate Shopping Centre, eGoli, ngoLwesine ekuseni.

Kuthiwa usizwe abezimo eziphuthumayo khona endaweni yesigameko.

Kubikwa ukuthi uDumitru uphuthunyiswe esibhedlela ebangwa nezibi, ngeshwa ngokuhamba kwesikhathi wendela koyisemkhulu.

Ibingakabibikho eminye imininingwane egcwele ngalesi sigameko, kanti kulindeleke ukuba iziphathimandla zale nxanxathela yezitolo zikhiphe isitatimende ngokuhamba kosuku.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni umculi kaMaskandi wodumo

UDumitru, owayeteketiswa ngelika”The Professor”, wathatha izicoco zeligi neKaizer Chiefs iminyaka emibili ilandelana ngo-2004 nango-2005.

Phakathi kwamanye amaqembu amakhulu awaqeqesha kubalwa iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

UDumitru ungowokuzalwa eRomania, kanti udlule emhlabeni eneminyaka engu76 ubudala.

Eminye imibiko iveza ukuthi umelwe yinhliziyo.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...