‘Akanyuse amasokisi uJali ukuze athole akufunayo’

2016-09-07 17:01

Johannesburg – Lowo obhekelele izindaba zomsebenzi zika-Andile Jali, uMike Makaab, usephonsele lo mdlali inselelo uma ezimisele ngokuyodlalela iligi enkulu eNgilandi.

Kuke kwaba nemibiko ethi lo mdlali weshelwa yiLeeds United yaseNgilandi, nokho wehlulekile ukushiya iqembu abelidlalela i-KV Oostende yaseBelgium.

Kuthiwa uJali usasalelwe yinkontileka yeminyaka emibili naleli qembu, kubika iSolezwe.

UMakaab uthe konke kusezandleni zikaJali manje uma efuna ukuyodlala nezingqwele.

OLUNYE UDABA: Ukhonjwa kuLeeds United owayedlalela iPirates

“UJali ubanjwe yimithetho ye-Visa yokuyodlala eNgilandi, ngabe usehambile ngoba iLeeds ibizimisele ngempela ngaye.

“Eminye yemithetho ithi umdlali kumele adlale okungenani imidlalo engu-75% ezweni lakhe eminyakeni emibili eyedlule,” kusho uMakaab.

Uthe uJali uma enganyusa amasokisi mhlawumbe bangakwazi ukumtholela iqembu kumaligi amakhulu.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...