Akaneme neze uKomphela ngesibhaxu abasithole bekhishwa kowe-TKO

2017-11-19 09:10

eGoli - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uhlafuna izipikili njengoba iqembu labo libhaxabulwe ngo-1-0 ngoMgqibelo enkundleni yaseBidvest.

Amakhosi abedlala neBidvest Wits, yona ebonga ubuhlakani bukaJames Keene uvulele ngegoli esiwombeni sokuqala nokube yilona goli losuku.

Ekhuluma nabeSuperSport TV uKomphela uthe: "Yebo asenzanga kahle neze ngesiwombe sokuqala futhi nokuthola kwethu ikhadi elibomvu kuvele kwabhedisa uhlelo."

OLUNYE UDABA:UHunt ugcwele ukuzethemba ngaphambi komdlalo wabo neChiefs

Uthi badlale kahle kakhulu ngesiwombe sesibili, bekhanda namathuba amahle kodwa ekugcineni bashweba.

Uthi kubuhlungu ukushaywa emidlalweni efana nalena, kodwa nakulokhu bafunde isifundo ngamaphutha abawenzile nokuyiwona abafake kwenkulu inkinga.

Ama-Clever Boys asedlulele kowamanqamu ku-Telkom Knockout.

Umqeqeshi wawo uGavin Hunt uncome ukuzimisela kwaMakhosi ngesiwombe sesibili yize sebeswele umdlali owodwa.

"Isiwombe sokuqala bekungesethu kodwa besinethezeke kakhulu sengathi asisafuni ukushaya elinye inqaku. Esiwombeni sesibili aMakhosi abuye ngezinkani esifaka ngaphansi kwenkulu ingcindezi.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...