Akagculisekile yize benqobile uHunt

2016-09-12 12:30

Cape Town – Umqeqeshi weWits uGavin Hunt uzwakalise ukungagculiseki ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo ngesikhathi libhaxabula iCape Town City ngo 3-0 ngoMgqibelo emqhudelwaneni we-MTN8, emzuliswaneni wokuqala emdlalweni owandulela owamanqamu.

Naphezu kukonenebula labo mafikizolo esigabeni se-PSL, uHunt ufuna amaClever Boys akhombise umdlalo ogculisayo uma esebebhekene nePolokwane City ngoLwesibili.

“Ngiphoxekile, empeleni ngiqonde ukuthi besibheda, bekungekuhle. Siyabona ukuthi amasonto amabili ngempela asithikamezile, abadlali abaningi bebengekho, kanti babuye sebenokuvilapha kancane,” utshele abakwaSuperSport.

OLUNYE UDABA: UHunt akagculisekile kangako ngeqembu lakhe

Uqhube wathi yize noma bevalele amagoli amathathu kodwa bebengebahle wathi wethemba ukuthi lo mdlalo uzobasiza ukuze babe ngcono emdlalweni wangoLwesibili.

Uthi uma ngabe ubheka ezweni lonke kunenkinga efanayo yokungabi segiyeni kwabadlali emuva kwekhefu lomhlaba wonke ebholeni.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...