Akadayisi ofunwa yiDowns - Ajax

2016-08-05 20:30

Johannesburg - Usihlalo we-Ajax Cape Town u-Ari Efstathiou uthi umdlali wabo uRivaldo Coetzee ngeke ajoyine iMamelodi Sundowns noma elinye iqembu eliku-PSL.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi iSundowns ifuna uCoetzee, kanti ngokombiko weKickOff.com iMamelodi Sundowns ilungiselela ukubeka etafuleni imali ezokwenza u-Coetzee ajoyine leli qembu laseChloorkop liphinde lihambise noWayne Arendse.

“Okokuqala nje, akekho umuntu weMamelodi Sundowns ofike kumina wabeka okuthile etafuleni ngoRivaldo,” kusho u-Efstathiou kwiKickOff.com.

Funda nalolu daba: Uyaxolisa umdlali okhishwe ngekhadi elibomvu

“Noma ngabe ke bakwenzile lokho, bengeke ngimdayise. URivaldo akadayisi. Ngizomdayisela kuphela amaqembu ase-Europe, hhayi aku-PSL.

Kuthiwa i-Ajax ifuna u-R15-million  ngalo mdlali weBafana Bafana oneminyaka engu-19 ubudala.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...