Abaphathi beChiefs kabajiki kolwezicoco

2017-04-18 14:00

Durban - Izikhulu zeKaizer Chiefs kazigudluki ezimfunweni zazo zokuba le kilabhu isonge le sizini ifake izicoco ezimbili ekhabetheni layo.

Lokhu kuzwakaliswe nguBobby "Bobsteak" Motaung oyiMenenja-jikelele yale kilabhu ngesikhathi ekhuluma neLANGA izolo ngoMsombuluko ekuseni.

Uthi bahlabeke umxhwele ngezinga elikhonjiswa yiziMpofana emidlalweni yazo yakamuva.

IChiefs ihlezi endaweni yesithathu kwi-Absa Premiership okuyibeka ethubeni elihle lokulwela ukubuyisa lesi sicoco esihlwithwe kuyona yiMamelodi Sundowns ngesizini edlule.

Nokho le kilabhu isasethubeni lokunqoba neNedbank Cup njengoba iqhathwe neSuperSport United kwiQuarter Final yalo mqhudelwano ezokuba ngoMgqibelo ngo-18:00 eFNB Stadium, eGoli.

ISuperSport yiyona evikela lesi sicoco esinqobe iguqisa i-Orlando Pirates kowamanqamu nyakenye. UMotaung ugcizelela ukuthi isomiso esihlasele kwiChiefs, esonge isizini edlule ishwiba izandla, balwela ukuthi isiqede ngegiya elicokeme ngokunqoba iligi neNedbank Cup.

"Nakuba uhambo luselude kwiligi kodwa sijabule kakhulu ekilabhini ngendlela izinto ezenzeka ngakhona. Sidlala kahle kakhulu muva nje. Lokhu kusibeka ethubeni elihle lokufeza izinjongo zethu zokuqeda indlala yezicoco ngokunqoba lezi ezimbili ezisele eziyisango lokuyodlala kwiCaf.

OLUNYE UDABA: UPitso akalilahlile ithemba ngesicoco seligi

"Njengoba isimo sinjena nje kwiligi siyazi ukuthi akekho ozokwenzela omunye umsebenzi, yilowo nalowo ulwela uhlangothi lwakhe," kuphawula uMotaung ezakhe ezizobuyela kwiligi ngokubhekana neCape Town City emdlalweni ozokuba ngoLwesibili lomhla wama-25 kwephezulu ngo-19:30 ekuhambeni eCape Town Stadium.

Okunye okukhombise indlela iChiefs elangazelele ngayo iligi yisivinini esikhishwe nguSteve "Mphathi" Komphela ongumqeqeshi wayo eyokwanga uGeorge Lebese emuva kokuba lo mdlali ebhakuzise igoli elenze le kilabhu yanqoba iChippa United ngo-1-0 koweligi ngoMgqibelo ebusuku eMbombela Stadium, eMpumalanga.

UMotaung uthi umdlalo weCity uzohlahla indlela yabo ebheke esicocweni seligi kwazise womabili la makilabhu abalwa nasembangweni oshisayo wokunqoba lesi sicoco.

IChiefs isanda kuzenzela umsebenzi omuhle ihlula iSundowns ngo-2-1 koweligi. NeDowns isembangweni wesicoco.

UMotaung ukholwa wukuthi uma beqhubeka nokuqoqa amaphuzu agcwele ezimbangini zabo kuzokuba lula ukuqeda le sizini beyizingqwele okuyinto elanjelwe kakhulu nangabalandeli bale kilabhu abakhonze kakhulu ukuchoma uma ezabo zenza kahle.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...