Abaphathi bacabanga ukudayisa iqembu le-PSL

2017-08-17 14:01

Johannesburg - IRoyal Bafokeng Holdings ikulungele ukudayisa iPlatinum Stars ngenxa yenselelo yezimali ebhekene nekilabhu – kodwa ngombandela wokuba iDikwena iyaqhubeka nokuzinza eRustenburg, eNorth West.

Usihlalo weDikwena, uCliff Ramoroa, uthe isizwe saBafokeng, eRustenburg, kanye nabanikazi bekilabhu, bacabanga izindlela ezahlukene zokuphatha ikilabhu.

Uthe ikilabhu bangayidayisa noma baqhamuke nenye indlela abaqhubeka ngayo nokuyiphatha.

Echaza uRamoroa uthe ikilabhu isazozinza khona lapha eRustenburg kanti nabalandeli ngeke baphazamisekele ngalutho ngoba basazoqhubeka nokuyibuka idlala eRoyal Bafokeng Stadium.

OLUNYE UDABA: UPitso ukhala ngokulaxazwa ngojoyine iPirates

“Uma sesifikile isikhathi sokuyidayisa, sizoyidayisela kuphela umuntu wasendaweni. Ngeke kubenoshintsho olutheni kubadlali, ithimba labaqeqeshi kanjalo nakwezinye izisebenzi.”

Uthe ikilabhu ingeyesizwe sasebukhosini baBafokeng, esithola imali ezimayini bese isetshenziselwa izidingo zomphakathi.

“Izwe libhekene nenselelo yezimali ngakho lokhu kulimaza wonke umuntu ezweni. Asivikelekile kulezi zinselelo zezimali, kunjalo nje,” kusho uRamora.

Uthe abekho abantu abaxoxisana nabo ngokuthenga ikilabhu okwamanje.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...