Abadlali bePirates kumele ‘babe namahloni’

2017-04-03 10:04

Cape Town – Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, usezwakalise ukuphoxeka ngokuvuza kodonga lweqembu lwakhe kulandela ukubhatshulwa yiFree State Stars ngo-3-2 ngempelasonto.

Leli qembu laseMayfair lidlale umdlalo wesi-13 lingasayazi iwini ngemuva kokuthi uMoeketsi Sekola, uPaulus Masehe kanye noMohammed Anas beye babhakuziselai i-Ea Lla Koto inethi.

UJonevret ukhale kakhulu ngokuba ntekenteke kodonga lwasemuva kuBucs, nokwenze leli qembu lehlela endaweni yesi-11 kuligi – kanti selishiyana ngamaphuzu angu-5 neqembu elivale emsileni, iBaroka FC.

OLUNYE UDABA: Amakhosi ajabulile, Shapa Khosi Shapa

“Ngibe nokumangala kancane,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.

“Ngoba ngicabanga ukuthi kulungile, singenelwe yigoli elilodwa kuyo yonke imidlalo selokhu ngafika, kodwa ngimangale kabi ngesiwombe sokuqala.

“Ngicabanga ukuthi kulungile ukuhlulwa imidlalo ngo-1-0 noma kanjalo, kodwa ukungenelwa amagoli amathathu ngalezi zindlela – i-free kick ewubulima… futhi sikhohlwa nqi ukumaka umdlali – lokho kuthanda ukwethusa, angikukholwanga.

“Inhlonipho kuFree State Stars. Ngithemba ukuthi abadlali bethu kumele babe namahloni kancane ngalo mdlalo futhi sizoya ekhaya bese siyabuya la ngoMgqibelo olandelayo, futhi ngethemba [lokuthi] singadlala umdlalo ungcono.”

AmaBhakabhaka ozophinde abhekane neStars emdlalweni womqhudelwano weNedbank Cup last-16 ngoMgqibelo eJames Motlatsi Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-20:15 kusihlwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...