Abadlali abathathu beSundowns bangase bangadlali kowePolokwane

2017-08-22 14:01

Cape Town – Abadlali abathathu beMamelodi Sundowns bangase bangadlali emdlalweni weligi uma ngabe leli qembu selitholene phezulu nePolokwane City.

Ngokwe-website yale kilabhu, uThemba Zwane usazohlolwa ukuze atholakale ukuthi ukulungele yini ukudlala, kulandela ukuthintana noMorgan Gould kwiTshwane Derby ngempelasonto.

OLUNYE UDABA: UBaxter umemezele isikwati seBafana esizodlala kowokuhlungela eyomhlaba

UKhama Billiat kanye noLucky Mohomi nabo kuyangatshazwa ukuthi bazokwazi ukudlala njengoba bobabili laba dlali basesiswini bexinwe umkhuhlane.

Lona kuzoba umdlalo wokuqala waMasandawana weligi ekhaya kwisizini ka-2017/18 kanti uzodlalelwa enkundleni yezemidlalo iLoftus Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30 kusihlwa ngoLwesibili. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...