Abadlali abane be-PSL baphakanyiselwe izindondo eziphezulu ze-CAF

2017-11-02 11:00

Cape Town - UPercy Tau, uDenis Onyango, uJeremy Brockie kanye noDean Furman basolwini lwabaphakanyiselwe indondo yeCAF Champions League.

Yize iMamelodi Sundowns iphume ekuseni kowe-CAF, u-Tau no-Onyango amagama abo aphakathi kwabadlali abangu-30 abaphakanyiselwe indondo i-2017 CAF Player of the Year.

Laba bobabili baphinde baqokelwa eye-CAF Player of the Year - Based in Africa, bekanye nabadlali beSuperSport United uDean Furman noJeremy Brockie. 

U-Onyango uphinde waqokelwa kulo mkhakha kulandela ukukhala emuke nendondo efanayo i-CAF Player of the Year - Based in Africa ngo-2016.

OLUNYE UDABA: Uhlelo lweDowns lokubuyela kwiClub World Cup

UBrockie nguye othwele ngeqoma ukuba athathe indondo yokufaka amanqaku amaningi kwi-CAF Confederation Cup.

Njengoba kuseza umdlalo wamanqamu ne-TP Mazembe, lo mdlali odabuka eNew Zealand vele usenamagoli angu-10 ngaphansi kwegama lakhe, eshiya emuva lowo osezithendeni zakhe ngamagoli amane.

Umcimbi wokuklonyeliswa ngezindondo uzobanjelwa e-Accra eGhana ngomhlaka-4 Januwari.

Abazonqoba bazokhethwa ngevoti eliqhamuka kubaqeqeshi namathimba abo adlelana ne-CAF, i-CAF Technical and Development Committee, kanye nongoti.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...