Abadlali abahlanu bonke be-Ajax abangalubhadanga ejimini

2017-08-11 07:01

Cape Town – Umqeqeshi we-Ajax Cape Town usezwakalise ukuphoxeka ngemuva kokuthi abadlali abahlanu bonke bale kilabhu behlulekile ukufika ejimini yaleli qembu elizize-Ikamva ebihleliwe ngaphambi komdlalo wayo wobungani wangaphambi kokuqala kwezini neCape Town All Stars.

Ama-Urban Warriors anikele kuTwitter, eqinisekisa lokhu kuqagula kokuthi abadlali bayo abahlanu -  unozinti uBrandon Petersen, abadlali basesiswini, uNeo Makua, uBantu Mzwakali kanye nabasemuva, uRheece Evans kanye no-Isaac Nhlapo - kuthiwa bebengabonwa nangokhalo ejimini kanti kuzokwenziwa nophenyo lwangaphakathi.

OLUNYE UDABA: Usejoyine i-Ajax owayedlalela iSundowns

“Njengoba sekusele ngaphezu kwesonto ngaphambi kokuqala kwesizini, lokhu kuyaphoxa kakhulu,” uMenzo usho kanjalo.

Isitatimende sale kilabhu sifundeka kanje: “Laba dlali abahlanu sebexhumene nekilabhu, kodwa basazonika isizathu sokuthi kungani behlulekile ukuza e-Ikamva namhlanje.

“Ikilabhu izokwenza uphenyo lwangaphakathi ngalolu daba kanti angeke isakwenza okunye ukuphawula.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...