Zibheke imiphumela izinkunzi

2013-10-10 10:05

Johannesburg - UDidier Drogba, Samuel Eto'o, Asamoah Gyan, John Obi Mikel kanye noJonathan Pitroipa bangezinye zezihlabani ezizobe zilwela ukuthola indawo emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ka-2014.

Amazwe alezi zinkunzi azohlangana kowokuhlungela ngempelasonto, kubhala abeKickOff.

I-Ivory Coast izobe ilindele ukuthi amagoli iwashayelwe uDrogba, umgadli ophinda naye abengukaputeni wezwe lakhe, u-Eto'o,  useshintshe umqondo, njengoba esezoba yingxenye yeqembu leCameroon elizodlala neTunisia eRades.

Iningi lamagoli eGhana avalelwa phakathi uGyan kanti uzobe naye ebhekwe ngabomvu.

Ngemuva kokushaya igoli lakhe lokuqala emidlalweni engu-185 yeEnglish Premier League, umdlali weNigeria uMikel unesifiso sokubhakuzisa inethi uma sebebhekene ne-Ethiopia e-Addis Ababa.

Njengoba wavotelwa njengomdlali awayevelele kwi-2013 Africa Cup of Nations, uPitroipa ulindele ukusiza iqembu lakhe iBurkina Faso linqobe uma selibhekene neAlgeria neOuagadougou.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...