Yonke imidlalo ibalulekile - September

2012-12-03 14:04

Johannesburg - Ukapteni weSuperSport United uThabo September uthi ubaluleke kabi umdlalo wabo obazowudlala neBloemfontein Celtic kowePremiership ngoLwesibili.

AMatsatsantsa awenzi kahle kweyeligi njengoba esanqobe umdlalo owodwa emidlalweni engu-12, kanti uSeptember uthi ukunqoba kwabo lo mdlalo maphakathi nesonto kuzokwenza umehluko kuleli qembu emizamweni yalo yokunyukela ngaphezulu.

"Kuleli sonto esikuzamayo ukwenza iqembu likhululeke ngokomqondo,” kusho uSeptember ku-wesite yeqembu lakhe.

"Yonke imidlalo esiyidlalayo manje ibaluleke kakhulu, ikakhulukazi leyo esiyidlalela ekhaya. Sidinga ukuqala siqoqe amaphuzu aphelele manje.

"Sizobhekana neCeltic edlala kahle nangokuzethemba. Kodwa akukho esikuhlelile ngaphandle kokuwina kuphela.”

I-United iyakulo mdlao ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 2-2 neGolden Arrows emdlalweni wabo wokugcina, sebedlale imidlalo eyishumi ngokulingana kule sizini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-11°C Sunny. Cool.
Dbn: 12-22°C Morning clouds. Cool. PE: 8-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...