Kushone isikhulu seWitbank Spurs

2012-12-25 14:34

Johannesburg - Kugubezele ifu elimnyama kwezebhola kulandela ukuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kukalowo obeyisikhulu seWitbank Spurs, uThabo Moroape, noshone ngeSonto, kubika iKickOff.com.

UMoroape ubephinde asebenze njenge-PRO kuleli qembu elidlala kuNational First Division.

Lowo oyibamba lesikhulu kuPSL uCambridge Mokanyane udlulisele emazwi enduduzo emndenini kaMoroape.

“Sibuhlungu ngokudlula emhlabeni kukaMoroape. Iqembu lilahlekelwe kakhulu kanjalo neligi. Ngithanda ukuzwelana nomndeni nabesondelene nabo kulesi sikhathi esinzima," kusho uMokanyane.

UMoroape uzobekwa ekhaya lakhe lokugcina ngoLwesihlanu, Disemba 28 eWitbank.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 13-19°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...