Uzoze abonakale ngesizini ezayo uJele
2012-04-24 14:05
Johannesburg - Isitobha
se-Orlando Pirates, uHappy Jele, owalimala kabi edolweni ngesikhathi bedlala
neBidvest Wits ngoNovemba, usekhombisa ukululama, kubika iKickOff.com.
UJele
ubengadlali selokhu alimala kabi edolweni.
Ekhuluma
nabe-KickOff.com, uMickey Modisane okhulumela iPirates uthi unethemba lokuthi
lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-25 ubudala uzobe esebuyele ensimini
ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2012/13.
UJele
kumanje uzilolonga ukujwayeza imisipha, kanti konke kuhamba kahle," kusho
uModisane.
"Sithemba
ukuthi uzobe esekulungele ukudlala ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo ngoba
ungumdlali obalulekile eqenjini," kuqhuba uModisane.
Nakuba
iPirates izihola phambili kuPremier League ngamaphuzu angu-48, bangenelwe
amagoli angu-21 uma kuqhathaniswa neMamelodi Sundowns, yona esangenelwe
angu-19.
IBhakabhaka
lisahlulwe imidlalo eyisithupha, kanti iSundowns yona isahlulwe emine, njengoba
umbango wesicoco uya ngokushuba.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24