Uzosingatha eye-2015 AFCON unondweba wodumo

2014-12-23 07:59

Johannesburg – Uzobonakala emidlalweni ye-2015 CAF African Cup of Nations unondweba osezakhele udumo kuleli uVictor Gomes.

Ngokubika kweSoccerLaduma lokhu kuvezwe yinhlangano esingethe ibhola likanobhutshuzwayo kuleli iSouth African African Football Association njengoba iphinde yaveza negama likaZakhele Siwela ongumsizi kanondweba naye ozoba yingxenye yalo mqhudelwano.

Le midlalo yokuqhudelana kwamazwe izoqala ngomhlaka 17 kuJanuwari wonyaka ozayo.

UGomes noSiwela yibona bobabili bakuleli ababiziwe ukuzoba yingxenye yalo mqhudelwano omkhulu ezwenikazi i-Afrika.

OLUNYE UDABA: UMarques ugxibha unompempe uGomes

UGomes uyaziwa njengomunye wonondweba abangezwa mshini futhi abangananazi nokukhipha ikhadi elibomvu noma ukuthatha isinqumo.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo nondweba wake wakhomba  amaphenathi amahlanu emdlalweni owodwa kanti ngesizini ka-2012/13 waqokwa njengonondweba ovelele kwisizini.

Ngakolunye uhlangothi uSiwela lilokhu likhule njalo igama lakhe ekuphatheni imidlalo emikhulu okubalwa neyokuhlungela indebe yomhlaba phakathi kweMorocco neTanzania ngo-2013.  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...