Uzoshiywa ngaphandle u-Andre Ayew
2013-01-07 13:00
Accra - Umqeqeshi weGhana uKwesi Appiah uthi ngeke amfake eqenjini lakhe u-Andre Ayew ngemuva kokuba lo mdlali weMarseille engafikanga ekhempini ukuzohlolwa ukuthi ulimele kangakanani.
U-Appiah esitatimendeni ngoMsombuluko uthe usenqume ukumshiya ngaphandle u-Ayew, ongomunye wabadlali abaphambili eGhana, wathi umshiya ngenxa yokungacaci kahle ngokulimala kwakhe akuthola edlalela iqembu lakhe.
U-Ayew wacelwa ukuba afike ekhempini yeGhana ese-United Arab Emirates ngoMgqibelo kodwa kuze kube manje (ngoMsombuluko ekuseni) akakafiki, nakuba iqembu lakhe iMarseille selimkhululile.
U-Appiah uthi u-Ayew ngeke afike ngesikhathi ukuze ahlolwe ngaphambi kokuba kushaye uLwesithathu, okuwumnqamulajuqu wabadlali abazodlala kwi-Africa Cup of Nations, ngakho ngeke afakwe kuloluchungechunge lwemidlalo oluzoqala ngoJanuwari 19 luze luphele ngoFebhuwari 10.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).