Uzoqhudelana nehhashi uPistorius
2012-12-11 12:29
Cape Town - Isihlabani saseNingizimu Afrika sama-Olympic namaParalympic ku-400m u-Oscar Pistorius uzoncintisana nehhashi lase-Arab ejwahweni i‘Run like the Wind’, oyingxenye yomkhankaso i‘Definitely Able’ eDoha.
Umncintiswano lona kuhloswe ngawo ukuqhakambisa iqhaza elidlalwa abantu abakhubazekile emiphakathini.
UPistorius ubhale kwiTwitter wathi: "Ngizogijima nehhashi lase-Arab, ngoLwesithathu ebusuku, emkhankasweni i-runlikethewind eDoha. @DohaGOALS kuzoba yinto enkulu”
Ngokusho kuka-Jenni Smout, ekhuluma nabezindaba uPistorius uqhube wathi: "Amahhashi ase-Arab ayinto ebalulekile kubantu bendawo. Ngicabanga ukuthi kuzoba yinto emangalisayo nenhle.”
UPistorius uthe uwulungiselele lo mjaho, uphinde waqinisekisa ukuthi usazogijima eminye iminyaka emihlanu bese ethatha umhlalaphansi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).