Uzoba seThekwini owamanqamu eTKO

2012-11-21 14:04

Johannesburg - Inkundla yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium yiyo ezosingatha owamanqamu weTelkom Knockout phakathi kweMamelodi Sundowns neBloemfontein Celtic ngoDisemba 1, kubika iKickOff.com.

Lokhu kumenyezelwe yiPremier Soccer League ngoLwesithathu.

Lo mdlalo uzoqala ngo-20:15.

Lo kuzoba unyaka wesibili kulandelana owamanqamu weTelkom Knockout ubanjelwa kule nkundla yaseThekwini engaconsi phansi kwabaningi.

Lowo oyibamba lesikhulu sePSL uCambridge Mokanyane uthe: “Ngiyajabula ukunazisa ukuthi sesinqume ukuyisa owamanqamu eThekwini. Ngithanda ukubonga uMkhandlu weTheku ngokusebenzisana nathi."

Amathikithi azoqala ukudayisa emahoreni angemangaki kusuka manje.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-20°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 6-15°C Breaks of sun late. Cool. Bloem: 8-18°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...