Uzoba mningi epalini uMeyiwa

2012-08-23 16:35

Johannesburg - Iqembu i-Orlando Pirates lizobashintshanisa onozinti bayo kuze kuphele isizini, kusho unozithi weqembu uSenzo Meyiwa, ekhuluma nabezindaba.

UMeyiwa ukhuluma nje ngempelasonto ezakhe zizobhekana neSuperSport United emlenzeni wesibili wama-semi final eMTN8.

Uthe umqeqeshi u-Augusto Palacios ushaye umthetho othi akekho unozinti ozohlala ebhentshini kuze kudlule imidlalo emithathu.

"Sibe nomhlangano singonozinti safika esinqumweni esithi akungabi khona nozinti ozokhuhla ibhentshi kuze kudlule imidlalo emithathu," kusho uMeyiwa.

"Lesi yisinqumo sesizini, sizoshintshana emapalini."

"Imbangi yami enkulu wuMoeneeb Josephs, umqeqeshi uma enginika ithuba, ngidlala ngokuzimisela."


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C Showers early. Morning clouds. Hot.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers early. Partly cloudy. Mild. PE: 18-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...