Uzimisele ngokubuya uBenni
2012-11-30 14:02
Johannesburg - Isethenjwa somdlali we-Orlando Pirates uBenni McCarthy uthi useluleme ngokuphelele futhi uzimisele ngokunikwa ithuba abuyele enkundleni enze adume ngakho, kubika iKickOff.com.
UMcCarthy wadonseka imisipha ngesikhathi edlalela iqembu lesizwe libhekene neBrazil, eSao Paolo, mhlaka-7 Septhemba.
Kusukela lapho ubengadlali, uthi njengamanje uzizwa eluleme ngokuphelele futhi ukulungele ukunikwa ithuba.
"Kade ngalulama, bengiziqeqesha nabadlali. Ngizizwa ngisesimweni esifanele ukuthi ngingadlala enkundleni, ngilinde ithuba nje kuphela," kusho uMcCarthy, ebhala ku-website, yeqembu.
"Engingakusho ukuthi ngiyawazi umdlalo wami, ngiyakwazi ukukhanda amagoli. Ngizoqhubeka nokuzimisela ngenze okulindelekile kimi. Kade ngaliqala ibhola ngicabanga ukuthi ngiyazi ukuthi yini ekumele ngiyenze ukuze ngizothola ijezi."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24