Uzilahle ngecala u-Armstrong
2013-01-18 07:32
Los Angeles - Umshovi wamabhayisikili ongumdabamlonyeni kulezi zinsuku uLance Armstrong ugcine esevumile ukuthi ngesikhathi ewina izicoco eziyisikhombisa zeTour de France wayedle izidakamizwa.
"Ngizenzile izinqumo zami, zingamaphutha ami," kusho u-Armstrong etshela umshayeli wohlelo u-Oprah Winfrey, engxoxweni yakhe yokuqala kusukela aphucwa izicoco zakhe wase enqunywa kwezemidlalo impilo yakhe yonke.
"Njengoba ngihleli lana namhlanje, ngizovuma amacala ami bese ngiyaxolisa," kuqhuba u-Armstrong. "Lesi sigameko ngisifanisa nokuphila impilo yamanga."
"Ngibe yisahluleki," kusho u-Armstrong, nowasinda esifweni somdlavuza, waphinde welula isandla kulabo abanaso.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP