Uyalulama uPeter Ndlovu
2012-12-17 15:03
Harare - Owayengumdlali webhola waseZimbabwe uPeter Ndlovu usesimweni esethembisayo ngemuva kokulimala engozini yemoto ebulale umfowabo omdala u-Adam, kusho osondelene nomndeni ngeSonto.
Ingozi, ephinde yadlula nomphefumulo wowesifazane, yenzeke ngesikhathi lezi zelamani zihamba ngaseVictoria Falls eZimbabwe ekuseni ngeSonto.
UNdlovu, 39, uphuthunyiswe esibhedlela kwaBulawayo, ngokusho kukaGeorge Bhebhe osondelene nomndeni.
"Usesibhedlela iMater Dei Hospital manje, kanti usesimweni esigculisayo, kumanje silindele amalungu omndeni okuyiwona azosinika imininingwane egcwele," kusho uBhebhe.
Owayeyimenenja yakhe uWinston Makamure utshele iBBC ukuthi lo mdlali uyelulama.
"Ulimale ngaphakathi, isekhandla, izimbambo waphuka nomlenze."
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA