Uthukuthele uNeeskens

2012-11-22 12:03

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uJohan Neeskens uthukuthele uthelwa ngamanzi, uthi ibhola lidlalwa ngabadlali, futhi yibo ekumele basebenzele ukuvika izembe.

Umqeqeshi usho kanjena njengoba iqembu lakhe lilokhu liqhubeke njalo nokungalethi imiphumela ethokozisayo, kulandela ukudlala ngokulingana namaZulu ngoLwesithathu ebusuku.

Umdlalo wamaBrazilians noSuthu uphele ngo 1-1, UNeeskens uthi sekuyisikhathi sokuthi abadlali bafake umfutho bakhombise ukuzimisela.

“Ngebhadi sidlale ngokulingana namaZulu, akumele lokhu kube yizindaba ezinhle. Abadlalil kumele kusukela manje badlalele ukufa nokuphila," kusho lo mqeqeshi odabuka eDutch.

“Sidlale imidlalo eminingi futhi baningi abadlali abalimele. Kumele kubhekisiswe kuqala abadlali bese ngibona ukuthi ngobani abazothola ijezi."






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More sun than clouds. Mild. Pta: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 14-21°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...