Uthi imphoxile isizini uMphela

2012-05-25 16:28

Johannesburg - Umshayimagoli weMamelodi Sundowns uKatlego Mphela uthi uma eziqhathanisa nomshayimagoli ohamba phambili kusizini ka-2011/12 uSiyabonga Nomvete, uzibona engenzanga nakancane kahle.  

Angibanga nomdlalo omuhle, esho etshela iKickOff.com.

"Ngiyazazi indlela engidlala ngayo, ngiyazi ukuthi ngingenza kangcono. Ngicabanga ukuthi kumele engabe ngisezingeni elifanayo noNomvete. Ngisemuva kwakhe ngamagoli ayishumi, angeneme neze."

"Namanje angikakholwa wukuthi sehluleke ukuthatha indebe yeligi, sahluleka nokuthatha indawo yesibili," echaza. 
 
"Sibe nomdlalo omuhle isizini yonke, angisho ukuthi inhlanhla ibingakithi. Siphoxeke sonke siyiqembu."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...