Uthi angeke adalule izimfihlo u-Igesund

2013-01-08 13:01

Cape Town - Umqeqeshi weqembu lesizwe uGordon Igesund uthi umdlalo wabo neNorway wangoLwesibili ebusuku (namhlanje), uzoba yisiqalo sezinto ezintsha kwiBafana Bafana.

Umdlalo wobungani nama-Drillos, akeliswe unombolo-24 emhlabeni, ungowokuqala weBafana selokhu u-Igesund amemezela abadlali abangu-23 abazodlala kowe-Africa Cup of Nations.

Umdlalo uzokuba seCape Town Stadium, ngo-20:30.

Kuzoba nomzuzu wokuthula ngaphambi komdlalo kukhunjulwa umdlali wamabhayisikili waseNingizimu Afrika uBurry Stander, oshone ngemuva kokushayiswa yimoto eThekwini ngeledlule.

U-Igesund uthi nakuba efuna ukuwunqoba lo mdlalo namhlanje, kodwa uzimisele ngokufihla induku emqubeni ngezinhlelo ze-Afcon.

“Sifuna ukuwina nakanjani, kodwa sigxile kakhulu emidlalweni ezayo, ngakho ngeke ngigadle ngakho konke enginakho."

“Kudingeka ubonakale umehluko kunalemidlalo eyisithupha esayidlala ngisabheka abadlali, manje sengike ngasithola isikhathi sokubheka abadlali, sesiyazi lapho esibheke khona. Ngifuna ukujabulisa abantu ngomdlalo wethu, futhi ngifuna abadlali nabo badlale ngokukhululeka, kodwa lokho sizokwenza uma abalandeli benathi.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...