Uthi angase ajoyine elinye iqembu uma kuza uKhune

2015-06-23 13:30

Johannesburg - Unozinti weMamelodi Sundowns uWayne Sandilands uzocabanga ngekusasa lakhe uma amaBrazilians ethatha u-Itumeleng Khune.

Eminyakeni emibili edlule uSandilands wayengunozinti wesibili weBafana Bafana kodwa lokho kwashintsha ngemuva kokuba indawo yakhe isithathwe uKennedy Mweene eChloorkop.

Izinto kuSandilands zabheda kakhulu kunokuba zilunge ngesikhathi iSundowns ibuyisa uDenis Onyango, owayebolekiswe kwiBidvest Wits.

Funda nalolu daba: IChiefs iqinisekise eyokusayinisa iziqongqwane ezinhlanu

Njengoba uKhune kumanje emataniswa neDowns – imenenja kaSandilands uGlyn Binkin uthi ikhasimende lakhe lingase libheke enye indlela elizoyithatha.

“Sesiyazisile iSundowns ngesikucabangayo,” kusho uBinkin kwiKickOff.com.

“UWayne ungumdlali onohlonze futhi ofuna ukudlala. [Uma uKhune ejoyina] kuzomele senze lokhu esikucabangayo.”

Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung ngoLwesibili uthe uKhune angase agcine esayine inkontileka entsha eNaturena.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...