Usuqala ukuba nzima umsebenzi wami - Igesund
2012-12-04 14:03
Johannesburg - Esithangamini sabezindaba, umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund uveze ukuthi unyazi lomdlali uSteven Pienaar, yinto yokugcina esemqondweni wakhe njengoba kubhekwe ngabomvu imidlalo ye-African Cup of Nations.
U-Igesund uthi umqansa abhekene nawo owukuqoka abadlali azogijima ngabo, usho kanjena nje iBafana izodlala imidlalo emithathu yesihle.
Elakuleli lizodlala neMalawi, mhlaka-22 Disemba, eThekwini, lidlale neNorway eKapa, mhlaka-8 Januwari bese ekugcineni lidlale ne-Algeria, e-Orlando Stadium ngomhlaka-12 Januwari.
"Imidlalo yeligi iya ngokuya iba mnandi. Lokhu kwenza umsebenzi wami ube nzinyana. Nginabadlali abangu-35, kumele sehle lesi sibalo," kusho umqeqeshi.
Kuvele ukuthi umdlali u-Ayanda Patosi angase abizelwe esikwatini.
Bazomenyezelwa ngesonto elizayo abadlali abazodlala neMalawi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA