Usezobonakala enkundleni eJele
2012-10-09 14:01
Johannesburg - Umdlali
wasemuva we-Orlando Pirates, uHappy Jele, usekulungele ukudlala kulandela
ukungadlali isikhathi cishe esingangonyaka kulndela ukulimala, kubika iKickOff.com.
U'Magents'
akaze adlale selokhu walimala imisipha kanye nodolo, ngesikhathi bedlala
neBidvest Wits ngoNovemba 2011.
"Kungithathe
isikhathi eside ukululama kodwa ngigculisekile ngendlela engenza ngayo
ejimini," kusho uJele ku-website yeqembu.
"Kula masonto
azayo ngizosebenza ngokuzikhandla ukuze ngilungele ukuba sezingeni lokudlala.
Sengikukhumbule ukudlala kodwa ngiyazi ukuthi kuzomele ngibekezele. Ithuba lami
ngizolithola,” kuqhuba yena.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24