Useshaye ingwiji uKeshi

2013-02-12 12:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Inhlangano iNigeria Football Federation ithi umqeqeshi weqembu lesizwe uStephen Keshi, ukumisile okwesikhashana ukuhoxa kwakhe emsebenzini wokuqeqesha njengoba kusaqhubeka izingxoxo.

UKeshi uveze ukuthi uhambise incwadi yokwesula, ngesikhathi ekhuluma emsakazweni wakwa-SABC ngoMsombuluko.

Uhambisa le ncwadi nje usanda kuqopha umlando, iNigeria yanqoba umdlalo we-2013 African Cup of Nation, ngemuva kweminyaka ethi ayibe ngu-20, iNigeria ikhala ngaphansi.

Inhlangano ikhiphe lesi sitatimende ngoLwesibili, sisayinwe ukuthi siphuma kumqeqeshi uqobo.

"Yize noma kukhona la ngingathokozile khona ngendlela izinto ezenzeke ngayo kuqhubeka i-Afcon, egcine inqotshwa yiqembu lami. Ngiyakhulumisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo," kusho isitatimende sikaKeshi.

"Ngiyajabula ukusho ukuthi ngizoqhubeka nomsebenzi wami."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-16°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. Bloem: 8-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 9-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...