Useqalile ukuzilolonga futhi uMasilela

2015-02-24 18:21

Johannesburg - IKaizer Chiefs ingase idlale esekhona uTsepo Masilela eqenjini layo elizodlala koweCAF Champions League neqembu laseBotswana iTownship Rollers.     

Ithimba lodokotela kuChiefs libika ukuthi lo mdlali wasemuva uqalile namhlanje ukuzilolonga neqembu kulandela ukulimala akuthola ngesikhathi bedlala neSuperSport United ngeledlule.

Funda nalolu daba: Akungidikibalisi ukungabizwa kwiBafana.

Khonamanjalo, iqembu selikuqinisekisile ukuthi uKhune akalimalanga kakhulu kodwa uthole imihuzuko nje kuphela kanti futhi lo mdlali uzohamba neqembu ukuya eBotswana.

IChiefs izodlala umlenze wesibili neRollers eNational Stadium eGaborone ngo-15:00.

IChiefs yanqoba ngo-2-1 emlenzeni wokuqala eFNB Stadium, kubika iKickOff.com.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...