Usazoba wuhlupho uDrogba- Terry

2014-08-08 15:59

Chelsea - Ukaputeni we-Chelsea uJohn Terry usencome inkakha yomdlali uDidier Drogba ngokuthi useyingozi futhi usazoqhubeka nokuba wuhlupho kubadlali basemuva.

Ngokombiko kwe-Soccer Laduma uDrogba osekhuza ibuya kwi-Chelsea, unconywe kakhulu uTerry wathi ukhombisa ukuzimisela okuyisimanga futhi amandla anawo omqondo akhombisa ukuthi usakulambele ukushaya amagoli.

“Kubalulekile ukuba khona kukaDrogba ngoba uletha umqondo wokufuna ukunqoba nakwabanye abadlali abasebancane,”  kusho uTerry kwi-websstie yaleli qembu.

UTerry uphinde wazwakalisa ukuphatheka kabi kwakhe ngokuhamba kozakwabo ababili asedlale nabo isikhathi eside, u-Ashley Cole noFrank Lampard kanti ukholelwa ekutheni abadlali abasha abasayinwe yileli qembu bazoqhubeka lapho kushiye khona laba badlali.

UTerry usanda kumemezela ukuthi useyashiya ekudlaleleni iqembu lesizwe laseNgilandi njengoba esezogxila kwi-Chelsea kuphela.     



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...