Umunyu uMashaba evalelisa aMajita

2014-08-06 14:34

Johannesburg - Ubebukeka egcwele umunyu uShakes Mashaba ngesikhathi evalelisa eqenjini lika-Under 20 ngoLwesithathu, ngemuva kokutheleka kuleli okokuqala esengumqeqeshi weBafana Bafana.

UMashaba, nobephelezele aMajita okokugcina njengomqeqeshi wawo, ubonakale esula izinyembezi ngesikhathi ebonga i-SA Football Association (Safa) ngokumeseka.

“Ngithanda ukubonga bonke abadlali abebelokhu bengeseka,” kusho uMashaba ese-OR Tambo International Airport, eGoli.

“Umakhalekhukhwini wami usujemile manje ngenxa yemiyalezo yenu yokungihalalisela.

“Ngiyazi izwe lonke liyahlokoma kusukela ngaqokwa. Ngithanda ukusho ukuthi ngizosebenza ngokuzimisela ukuze ngingalidumazi.”

UMashaba wamenyezelwa njengomqeqeshi omusha weBafana ngoJulayi 26, engena ezicathulweni zikaGordon Igesund.

AMajita abezilungiselela imidlalo ebalulekile ka-Under 20, i-African Youth Championships, kanti umdlalo wokuhlungelwa kule midlalo azowudlala neCameroon ngo-Agasti 16.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...