Umdlali omusha weChiefs ukulungele ukubhekana nenselelo

2015-07-22 08:35

Johannesburg - Umdlali omusha weKaizer Chiefs, uDaniel Cardoso, ugcwele ukuzethemba ngaphambi kwenselelo yokuzama ukuthola ijezi kubadlali abafana noMorgan Gould, Erick Mathoho kanye noSiyanda Xulu, naye ongumdlali omusha, eqenjini likaSteve Komphela.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ujoyine amaGlamour Boys esuka kwiFree State Stars ngenkontileka yeminyaka emithathu kanti futhi unethemba lokuthi uzozibonakalisa kuleli qembu.

Funda nalolu daba: OweDowns uzobolekiswa kwiMaritzburg United

“Kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ngisebenza ngokuzikhandla ejimini, ngoba angifuni ukudlala kuphela uma kukhona olimele. Ngifuna ukuzibonakalisa eNingizimu Afrika ukuthi nginethalente,” usho kanje kwiSoccer Laduma.

“Njengoba kunabadlali abafana noMorgan Gould, Erick Mathoho noSiyanda Xulu, naye osanda kujoyina iqembu, ngiyazi ukuthi kuzoba nokuncinzisana okunzima, futhi kuzobanzima kumina ukuba ngithole ijezi eqenjini. Kuzomele ngisebenze ngokuzikhandla ngenze isiqiniseko sokuthi uma nginikezwa ithuba, ngilibamba ngazo zombili.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...