Ukuhlehla kwenqama ukuthatha amandla - Appiah

2013-02-07 12:03
Yabelani Shicilela

Nelspruit - IGhana ime isibindi ngemuva kokukhishwa kabuhlungu kumaSemifinal e-2013 Africa Cup of Nations (Afcon), yathi nakanjani izoqhubeka nokuzimisela ekwenzeni ngcono ikusasa layo.

AmaBlack Stars akhishwe yiBurkina Faso ngo 3-2, sekushaywa ama-penalty, ngemuva kokuthi umdlalo ubuphele zibambene ngo 1-1.

Umqeqeshi weGhana uKwesi Appiah uthe yize noma kubuhlungu kodwa ukuhlehla kwenqama akusikho ukubaleka kodwa kuwukuthatha amandla.

"Ngicabanga ukuthi wonke umqeqeshi ufuna ukuhluleka ezamile, wonke umuntu ufuna ukunqoba," kusho u-Appiah ngoLwesithathu ebusuku.

"Sengiqalile ukuhlanganisa isikimu, ngibheka indlela abadlali abadlala ngayo. Kukhona nabadlali abasebancane."

Ukaputeni weqembu u-Asamoah Gyan uncome umqeqeshi wakhe.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Partly cloudy. Mild. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...