Ufuna ukubonga iqembu ngokumnikeza ithuba

2015-10-05 16:02

Johannesburg - Umdlali wasesiswini weChippa United, uLerato Chabangu, uselangazelela ukubonga leli qembu lakhe elisha ngokukholelwa kuyena ngemuva kokuba engaphumelelanga ukujoyina iBidvest Wits.

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ushiye iMoroka Swallows edliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule ngethemba lokujoyina iWits, kodwa wehluleka ukuchaza umqeqeshi uGavin Hunt ngesikhathi eyozama inhlanhla kuleli qembu.

Funda nalolu daba: Kuthungathwa iziboshwa ezingu-12 ezeqe eLimpopo

Kodwa manje uChabangu usebuyile ebholeni eliphezulu, kanti futhi udlalile ngesikhathi iqembu lakhe libhekene neMamelodi Sundowns koweTelkom Knockout ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium.

“Kuyangijabulisa ukuthi sengiyadlala futhi,” kusho uChabangu.

“Kodwa angiqalanga ngendlela enhle ngemuva kokushaywa yiSundowns. Kungidumazile ngoba bengifuna ukusiza iqembu ukuba liwine ngiqala ukulidlalela.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-26°C Rain early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-28°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Sprinkles. Morning clouds. Warm. PE: 19-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...