Uhleka yedwa oshaye AmaZulu
2013-02-28 12:05
Durban - Umqeqeshi weqembu elingaziwa uLwandile Magula ujabule "uyafa" njengoba iqembu lakhe iTembu Royals lizibeke kwibalazwe lezebhola lezinyawo ngesikhathi libhaxabula AmaZulu, kweyendebe yeNedbank.
IThembu Royals imangaze uSuthu ngesikhathi ilukhipha kweyendebe ngo 2-1, emdlalweni obanjelwe eMlazi.
Abadlali abashaye amagoli kube nguSechaba Mofekeng noZukisa Ginya.
“Ngithokoze kakhulu ngabadlali, baphakamise igama leTembu Royals, nendawo yaseMthatha abaphuma kuyo,” kusho uMagula ngemuva komdlalo.
“Size lana sizilungiselele ukuthi sizokhipha lonke ikhono. Ngaphambi komdlalo sifundisise umdlalo waMaZulu, sikwaze ukuthola ubuthaka bawo.
“Besifuna ukuvala emuva, sibahlakaze bese sishaya amagoli.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24