Ufuna ukuzibonakalisa kwiBafana ongasalinuki ijezi kwiDowns

2015-10-14 16:04

Johannesburg - Unozinti weMamelodi Sundowns uWayne Sandilands uthi uyakulangazelela ukuthola ithuba lokudlala futhi njengoba ezodlela iBafana Bafana uma isibhekene ne-Angola kowokuhlungela eye-CHAN ngoMgqibelo eRand Stadium.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala akasavamile ukuthola ijezi muva nje eChloorkop, njengoba sekuvame ukudlala uDennis Onyango noma uKennedy Mweene. 

“Kuzosisiza ukuba sizibonakalise, ikakhulukazi thina esingasavamile ukuthola ijezi,” usho kanje, kubika iKickOff.com.

Funda nalolu daba: IFifa imthole enecala oweSafa

“Sizobe sifuna ukusebenzisa ithuba esilitholayo ukuze sikhombise ithalente esinalo.”

“Kuhlala kuyintokozi ukuba lapha [eqenjini lesizwe], kuyajabulisa ukugqoka ijezi lesizwe.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

USuthu lubhaxabule iSundowns ekhaya

Emizuzwini eyi-30 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...