Ufuna ukushaya amagoli uParker

2012-10-09 14:01

Johannesburg - Umdlali weBafana Bafana uBernard Parker uthi uzohamba ngegiya iqembu lakhe iKaizer Chiefs elihamba ngalo uma esemele izwe emdlalweni walo nePoland neKenya.

UParker nguye ongumshayimagoli ohamba phambili kuPremier Soccer League.

"Bangishiya ngaphandle eqenjini lesizwe ngoba ngangingawashayi amagoli," kusho uParker ngaphambi kokuthi iqembu libhekise amabombo ePoland.

"Ngifuna ukwaziwa njengomshayimagoli, kuyangisebenzela. Ngifisa ukuqhubeka ngegiya engidlala ngalo eqenjini lami, eNingizimu Afrika akujwayelekile ukuthi kube khona umdlali ohlale eshaya amagoli, ngifuna ukukwenza lokho."

UParker uthi ufisa sengathi abanye abadlali bangamethemba ekutheni kube nguye ohola abagadli uma sekuqhubeka le midlalo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 19-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-34°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 21-34°C a mixture of sun and clouds. Hot. PE: 18-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...