Ufuna ukudlalela iPirates u-Abia Nale
2013-01-10 11:01
Johannesburg - Umdlali weKaizer Chiefs okhala ngokushaywa indiva, u-Abia "NyakaNyaka" Nale, angase agijime eqenjini i-Orlando Pirates, uma kumhambela kahle.
IPlatinum Stars nayo isiveze ukuthi izimisele ngokusayinisa lo mdlali, othi akasathandi ukuba kuChiefs, kusho umbiko weSowetan.
Umalume kaNale, okunguye obhekele izindaba zakhe zomsebezi, uSteve Nale, uthi sebeqalile ukuxoxisana neqembu ngenhloso yokuthi lidedele lo mdlali.
UNale, uthe abezindaba abakhulume nememenja yeChiefs, uBobby Motaung, obengatholakali ocingweni.
Kuvele ukuthi uNale akathokizele njengoba eshikisha ibhentshi kuMakhosi.
"U-Abia ufuna ukudlalela iqembu elizimisele ngokumsebenzisa. Angase agcine kuPlatinum Stars noma ku-Orlando Pirates. Sizokwazi kahle ukuthi uyaphi esikhathini esingamasonto amabili azayo.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24